ABANTWANA BENKOSI - Song lyrics

 1 Abantwana abeNkosi

Kabanazo izingozi;
Bahlez'okwenyon'endlini,
Nenkanyezi ezulwini.

2 OyiNkosi yaphezulu
Ubathanda,he kakhulu;
Ubafaka ekhwapheni,
Bangengene ekufeni.

2 OyiNkosi yaphezulu
Ubathanda,he kakhulu;
Ubafaka ekhwapheni,
Bangengene ekufeni.

3 'Kakh'umuntu onamandla
Okuchith' elakh'ibandla;
Yen'ungumfo weth'impela,
Usiphath' usivikela.

4 UnguBab' onobubele,
Uyabala nezinwele,
Usifunz' usigqokisa,
Yebo,usijabulisa.

5 Jabula-ke ngakho,bandla,
Uvikelwa onamandla.
Zonk'ezakho-ke izitha
Uzisusa ezichitha.

6 Noma ungashayw'uvalo
Yena unguYihlo njalo,
Into inye ayifisa
Yona:ukukusindisa.

Comments

Popular posts from this blog

Lala ho'na - song lyrics

Hosea

Job

Psalms

Lamentations

Joel

Unraveling the Mysteries of Genesis: A Comprehensive Overview

Numbers: A Journey of Wilderness and Wanderings

Exodus